Creative Commons License Deed

GNU General Public License, I-Free Software Foundation

Ethi GNU General Public License yilayisensiye-Free Software. Njenganoma iyiphi ilayisensi ye-Free Software, ikunikeza lezi zinkululeko ezilandelayo ezine:

  1. Inkululeko yokusebenzisa lolu hlelo nganoma iyiphi injongo.
  2. Inkululeko yokuhlola ukuthi lolu hlelo lusebenza kanjani nokuluvumelanisa nezidingo zakho.
  3. Inkululeko yokuphinda usabalalise amakhophi ukuze usize umakhelwane wakho.
  4. Inkululeko yokuthuthukisa lolu hlelo futhi ukhiphele umphakathi lokho okuthuthukisile, ukuze wonke umphakathi uzuze.

Ungazisebenzisa izinkululeko ezishiwo lapha kuphela uma uhambisana nemibandela yale layisensi. Imibandela eyinhloko yile:

  • Kumelwe ushicilele ngokucacile nangokufanele kwikhophi ngayinye esatshalalisiwe isaziso esifanele selungelo lobunikazi nesitatimende sesiqinisekiso futhi uzigcine ndawonye zonke izaziso ezibhekisela kule Layisensi nokungabi khona kwanoma isiphi isiqinisekiso; futhi unikeze noma imuphi omunye umamukeli woHlelo ikhophi yelayisensi elithi GNU General Public License kanye noHlelo. Noma ikuphi ukuhunyushwa kwelayisensi ethi GNU General Public License kumelwe kuhambisane nethi GNU General Public License.
  • Uma ushintsha ikhophi noma amakhophi akho ohlelo noma ingxenye yalo, noma wakha uhlelo olusekelwe kulolu, ungabela abanye umsebenzi owumphumela kuphela uma wenza kanjalo ngaphansi GNU General Public License. Noma ikuphi ukuhunyushwa kwe- GNU General Public License kumelwe kuphelezelwe GNU General Public License.
  • Uma ukopisha noma usabalalisa lolu hlelo, kumelwe uluphelezele ngamakhodi aphelele angafundwa umshini ahambisana nalo noma nesicelo esibhaliwe, esisebenza okungenani iminyaka emithathu, sokunikezwa amakhodi aphelele angafundwa umshini ahambisana nalo.

Noma imiphi yale mibandela engenhla ingashintshwa uma uthole imvume kumnikazi welungelo lobunikazi.

Umshwana Wokuzikhipha Emthwalweni
Umshwana Wokuzikhipha Emthwalweni

IMvume ye-Commons ayiyona ilayisensi. Imane nje iyinto ewusizo ongabheka kuyo ukuze uqonde iKhodi Yomthetho (ilayisensi ephelele) — iwuhlelo olungafundwa umuntu lwamanye amagama ayo ayinhloko. Cabanga ngayo njengohlelo olunobungane kolusebenzisayo oluneKhodi Yomthetho ngaphansi. Le Mvume ngokwayo ayibalulekile ngokomthetho, futhi ekuqukethe akuvele kulayisensi yangempela.

ICreative Commons ayiyona ifemu yomthetho futhi ayinikeze izinsizakalo zomthetho. Ukusabalalisa, noma ukubonisa noma ukuxhuma kule Mvume ye-Commons akwakhi ubudlelwano bommeli nekhasimende lakhe.

Ukusebenza kwakho ngokufanele namanye amalungelo akuthintwa nakancane okungenhla.

Loku ukufingqwa kweKhodi Yomthetho engafundwa umuntu (the full iLayisensi Evamile Yomphakathi ye-GNU). A Ehunyushwe ngesiPutukezi nayo ikhona.