Creative Commons License Deed

Public Domain Dedication

Ukunikezelwe Kwelungelo Lobunikazi Kuphela (kusekelwe emthethweni wase-United States) noma Ukufakwa ngaphansi Kokunikezelwe Emphakathini

Umuntu noma abantu abahlobanise umsebenzi nale dokhumenti ("uMnikezeli" noma "uMqinisekisi") kuphakathi kokuthi (a) uqinisekisa ukuthi, ngokolwazi lwakhe, umsebenzi osunguliwe oshiwo unikezelwe emphakathini waleli zwe umsebenzi oshicilelwe kulo, noma (b) unikezela noma iliphi ilungelo lobunikazi umnikezeli analo kulo msebenzi osunguliwe oshiwo ngezansi ("uMsebenzi") ulinikezela emphakathini. Ngaphezu kwalokho, umqinisekisi unikezela noma iyiphi inzuzo yelungelo lobunikazi emsebenzini ohambisana nalo, futhi ngalezi zinjongo, uchazwe "njengomnikezeli" ngezansi.

Umqinisekisi uthathe izinyathelo ezinengqondo zokuhlola ukuma kwelungelo lobunikazi lalo msebenzi. Umqinisekisi uyaqaphela ukuthi imizamo yakhe eqotho ingase ingamvikeli emthwalweni uma empeleni umsebenzi oqinisekisiwe unganikezelwe emphakathini.

Umnikezeli wenza lokhu kunikezela ukuze kuzuze umphakathi wonke futhi kulimale izindlalifa zoMnikezeli nabamlandelayo. Umnikezeli uhlose ukuba loku kunikezela kube isenzo sasobala sokuyeka ngokuqhubekayo wonke amalungelo amanje nawesikhathi esizayo ngaphansi komthetho welungelo lobunikazi kungakhathalise ukuthi ugunyaziwe noma uncike, eMsebenzini. Umnikezeli uyaqonda ukuthi ukuyeka wonke amalungelo okunjalo kuhlanganisa nokuyeka wonke amalungelo okuphoqelela (ngokomthetho noma ngenye indlela) lawo malungelo aseMsebenzini.

Umnikezeli uyaqaphela ukuthi, uma usunikezelwe emphakathini, uMsebenzi ungase uphinde ukhiqizwe ngokukhululeka, usatshalaliswe, udluliswe, usetshenziswe, ushintshwe, kwakhelwe kuwo noma uxhashazwe yinoma ubani, nganoma iyiphi injongo, okungeyezentengiselwano noma okungeyona eyezentengiselwano, futhi nanganoma iyiphi indlela, kuhlanganise nezindlela ezingakasungulwa noma ezingakacatshangwa.